![mayora_001](https://www.okhahlamba.gov.za/wp-content/uploads/2024/08/mayora_001.jpg)
IMeya YasoKhahlamba Ihlela Ukunweba Idolobha lase-Bergville
Imeya kamaspala uKhahlamba uMnuz Vikizitha Mlotshwa utshele abezindaba ukuthi banezingxoxo nomunye umnikazi we Plazi elise duze nedolobha ngenhloso yokuthi alidayisele umaspala wasoKhahlamba.
Uthi inhloso yokuthenga leli Plazi ukwakha kabusha idolobha lase Bergville libe sezingeni lamadolobha amakhulu asesifundazweni sakwaZulu-Natal.
Uthi uyajabula ngoba nendawo yokusebenza yosomabhizinisi abancane yase Bergville isiphelile abanye bayasebenza kuyo manje futhi isezingeni eliphezulu.
UMlotshwa uthi usengalala nobuthongo uma kungaba nedolobha elisha e Bergville elihlelikile isifiso sakhe leso.
UMlotshwa ukusho lokho njengoba bekulalelwa isicelo sebheyili sika Mnuz Mlungisi Hlongwane osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe eyiNkosi yesifazane yesizwe samaNgwane inkosi uNontobeko Hlongwane.
UMlotshwa uthi kumele kube nesithangami samadoda ase Bergville ukuze kukhuzwe umkhokha ohlasele amadoda eBergville adlwengula abasifazane nezingane.